Isondo: Isondo kuthiwa laqala ukusetshenziswa koMesophothemiya (esekuyise Irakhi namuhla). I-alfabhethi: Indlela yokubhala esiyisebenzisayo kakhulukazi eNingizimu Afrika ngeyesiLethini esuka eNtaliyane. Abantu abaqala ukubhala ul'wazi yibona abas eMesophothemiya futhi, imibhalo yabo kuthiwa yi-cuneiform ngesiNgisi. Ibhulukwe: Ibhulukwe lafika kwaZulu namaNgisi kodwa abokuqala ukugqoka okuyibhulukwe ngabaseShayina esekudlule iminyaka engamankulungwane amathathu begqoka amabhulukwe. Isikibha: Isikibha sakhiwa ngo-1913 eMazweni Abumbene aseMelika. I-shirt: I-shirt kuthiwa laqala ukugqokwa eGibhithe, lapho sekudlule iminyaka engamankulungwane amahlanu baligqoka. Izicathulo: Izicathulo yinto esiyaziyo ezwenikazi lakwaTu (e-Afrika) ngoba nakwaZulu sinazo izimbhadada ezazakhiwa ngesikhumba sezilwane namalungu omuzimba wezilwane. Isibhamu: Isibhamu sokuqala kuthiwa sakhiwa eShayina. Injini yemoto nemoto: Injini yemoto kanye nemoto yokuqala...