Isondo: Isondo kuthiwa laqala ukusetshenziswa koMesophothemiya (esekuyise Irakhi namuhla). 
I-alfabhethi: Indlela yokubhala esiyisebenzisayo kakhulukazi eNingizimu Afrika ngeyesiLethini esuka eNtaliyane. Abantu abaqala ukubhala ul'wazi yibona abaseMesophothemiya futhi, imibhalo yabo kuthiwa yi-cuneiform ngesiNgisi. 
Ibhulukwe: Ibhulukwe lafika kwaZulu namaNgisi kodwa abokuqala ukugqoka okuyibhulukwe ngabaseShayina esekudlule iminyaka engamankulungwane amathathu begqoka amabhulukwe. 
Isikibha: Isikibha sakhiwa ngo-1913 eMazweni Abumbene aseMelika. 
I-shirt: I-shirt kuthiwa laqala ukugqokwa eGibhithe, lapho sekudlule iminyaka engamankulungwane amahlanu baligqoka. 
Izicathulo: Izicathulo yinto esiyaziyo ezwenikazi lakwaTu (e-Afrika) ngoba nakwaZulu sinazo izimbhadada ezazakhiwa ngesikhumba sezilwane namalungu omuzimba wezilwane. 
Isibhamu: Isibhamu sokuqala kuthiwa sakhiwa eShayina. 
Injini yemoto nemoto: Injini yemoto kanye nemoto yokuqala yenziwa ngu-Karl Benz owaseJalimani. 
Isitimela: Isitimela sokuqala sakhiwa eBhrithani ngonyaka we-1802. Abakha injini yohlobo lwesitimela yokuqala ngabaseGibhithe ngonyaka wama-285 B. C. 
Isibali (i-calculator/i-computer): Isibali esincane sasekhukhuwini saqala senziwa ngeminyaka yama-1960. Isibali esikhulu esisetshenziswa emahhovisi sakhiwa ngeminyaka yama-1970 eMelika. 
Inxumano yezibali (internet): I-internet kwakuwumucabango ka-Joseph Carl Robnett Licklider owaseMelika ngonyaka we-1969. 
Comments