Skip to main content

Posts

Showing posts with the label kwatu

Yesiphi isizathu esadala ukuthi kwakhiwe amaphiramidi?

Ngaqale ngacabanga ukuthi amaphiramidi aseGibhithe akhiwa ngama-Coptic namaSulumane ukuvikela abansundu ukuthi bangadluleli e-Afrika baye e-Eshiya, ngacabanga kabili ngoba siyazi ukuthi abansundu babekhona eGibhithe nasemazweni awamaSulumane emandulo ngesikhathi ekwakubhalwa ngaso incwadi ye-Eksodusi ebhayibhelini. Amaphiramidi akakhiwanga okwodonga futhi ukuthi kuvimbele abantu ukuthi bangadluli okwoDonga Olukhulu laseShayina. Okunye okudala ukuthi ngibone ukuthi amaphiramidi aseGibhithe akakhiwanga ukuvimbela abansundu ngandlela-thize wukuthi umucwaningi womulando waseGibhithe u- Cheikh Anta Diop uthi imizimba ethol'wa khona ngaphakathi kumaphiramidi, ikhombisa (kwizifundo zegazi) ukuthi abanye babantu abaseGibhithe nabawakha amaphiramidi kwakungabantu abansundu . Kukhona nabathi isifinksi sibukeka engathi sinobuso bomuntu onsundu. Siyazi futhi ukuthi iGibhithe yake yabuswa ngabase Nubhiya (ekuyisizwe sabansundu), loku kwenza ukuthi ngibone ukuthi amaphiramidi kwakungamangcwa...